Umlando nezithakazelo zakwa Ngema. Isibongo sakwaNgema siqhamuka ngaphansi kwesizwe samaNguni esavela enyakatho ne-Africa endulo ngeminyaka yo-16th century, ngokomlando uMalandela inkosi yesine yamaNguni wasuka wahamba nabantu bakhe balibhekisa enyakatho yesifunda sakwazulu natali nalapho abaye bayofika khona endaweni eyaziwa ngokuthi yiseMfule eMelmoth ngenxa yendlala bazithela phezu kwezitshalo zabantu bakwaXulu ezazikhephuzela abazange besawapholisa amaseko bazitika ngalezi zitshalo zabantu kwathi sebesuthi wasukake uMalandela nabantu bakhe bawelela ngaphesheya komfula ukuze baqhubeke nohambo nokwathike sebemaphakathi baqaphela laba ababesasele emasimini ukuthi umfula usuyangenisa bamemeza baxwayisa uMalandela ukuthi akavule amehlo bengase bemuke nomfula kwazise wawusudla izinkwala nokho wabashaya indiva wangabanaka waze wawelela ngaphesheya. Ngenkathi ewela umalandela nabantu bakhe abanye babesasele emasimini akwaXulu besadla kantike uMalandela wacasuka wagana unwabu ecikwa wukuthi ingxenye yabantu bakhe isalile yaze yagcwalelwa wumfula wabe esebaduba basala khona lapho. Laba ababesele basala sebakha amadlangala abo khona lapho ngaseMfule bazinza khona kanti phakathi kwabo kwakukhona uNgema kantusi kaMafu nokunguyena owagcina esebahola kantike babe sebebizwa ngokuthi abakwaMngadi ngoba bazinza ezingadini zabantu bakwaXulu. Ngokuhamba kwesikhathi uNgema nabantu bakhe akayesebahola bahlaselwa uBhebhe insizwa yakwaMhlongo eyabulala uNgema umadlokovu imbulalela phezu kwetshe yaze yathola izibongo ezithi "bhebhe wena owab.... Umuntu etsheni". Kantike kuleliviyo elaliholwa umadlokovu kwaphuma ingqalabutho yeqhawe uSigcwelegcwele kaMhlekehleke owayeyinduna yebutho iNgobamakhosi elalingaphansi kwenkosi yakwazulu uCetshwayo. USigcwelegcwele wayeyishinga enenkani kwazise wayengakaze ayilwe impi ngoba wayesebuthweni lesilo elaligcwele izinsizwa ezazisencane zibuthwe inkosi.

Wamkelekile kwiXhosa Wikipedia. PiRSquared17 (talk) 01:11, 10 Eyesilimela 2014 (UTC)